Lomsebenzi wenzelwe abantu noma izinhlangano ezinesifiso sokubhalisa ikhaya labadala.
Gcwalisa ifomu phambi kwesisebenzi segatsha.
Thola irisidi uma ubanikeza ifomu uyigcine njengobufakazi bokuthi ufake isicelo.
Uma isicelo sakho senqatshelwa, uzobhalelwa incwadi ebeka izizathu zokuthi kubangelwa yini isicelo sakho senqatshelwa.
Uma ungavumelani nesinqumo, faka isikhalo sakho kungqongqoshe wentuthuko yezenhlalakahle noma nelungu lesigungu sekhansela ehhovisi legatsha likazwelonke noma lesifundazwe uchaze ukuthi ubangelwa yini ukuthi ungavumelani nesinqumo.
Faka isikhalo sakho kungakapheli izinsuku ezingu 90 uthole impendulo yakho.
Kungathatha amaviki amane ukusebenza isicelo sakho.
Unonhlalakahle uzomema abanye abantu njengabasebenzi bezempilo, nabasebenzi bakahulumeni wasekhaya ukuze baphenyisise leyo ndawo.
Yilowo nalowo muntu omenyiwe uzobhala umbiko wakhe ngakutholile ngenkathi aphenya.
Lemibiko uzokuthunyelwa ehhovisi lentuthuko yezenhlalakahle eseduzane ukuze kukhishwe isinqumo sokugcina.
Ukubhalisa kuya ngokuthi amandla esifundazwe angakanani kanti kuyashiyana ngezifundazwe. Ukuhlolisiswa kwekhaya ukuze libhaliswe akukhokhelwa.
Amafomu ayatholakala ehhovisi lentuthuko yezenhlalakahle eliseduze nawe.
